|
|
 |
445,329 Albums + 604,843 Individual Songs
| |
| |
Gospel Song "UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni" (Zulu Subtitles)
Playing Next: Abide With Me - Audrey Assad
|
|
Random Page / Random Song
|
|
|
|
Gospel Song \"UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni\" (Zulu Subtitles)
Ngezwi likaNkulunkulu elingokoqobo,
ubuthakathaka nokuhlubuka komuntu kuyahlulelwa futhi kwembulwe.
Bese umuntu ethola lokhu akudingayo.
Uyabona ukuthi uNkulunkulu usefikile kulo mhlaba wabantu.
Umsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo uhlose ukusindisa wonke umuntu ethonyeni likaSathane,
abahlenge ekungcoleni,
esimweni sabo esonakaliswe nguSathane.
Ukuzuzwa nguNkulunkulu kusho ukulandela isibonelo Sakhe njemgomfuziselo ophelele womuntu.
Landela uNkulunkulu ongokoqobo,
phila impilo yobuntu ejwayelekile,
gcina amazwi nemiyalelo Yakhe,
ugcine ngokuphelele lokho akushoyo,
futhi athole lokho akucelayo,
lapho-ke uyozuzwa nguNkulunkulu.
UNkulunkulu uze enyameni,
wavumela abantu ukuthi babone izenzo Zakhe.
UMoya Wakhe wembathe inyama,
ukuze umuntu akwazi ukuthinta uNkulunkulu,
ukuze abantu babuke uNkulunkulu futhi bafike ekwazini Yena.
Kungale ndlela yangokoqobo uNkulunkulu aphelelisa ngayo abantu.
Labo abakwazi ukuphila izimpilo zabo ngokuvumelana Naye
futhi balandele inhliziyo Yakhe,
bayilabo abazuzwe nguNkulunkulu.
Ukuzuzwa nguNkulunkulu kusho ukulandela isibonelo Sakhe njemgomfuziselo ophelele womuntu.
Landela uNkulunkulu ongokoqobo,
phila impilo yobuntu ejwayelekile,
gcina amazwi nemiyalelo Yakhe,
ugcine ngokuphelele lokho akushoyo,
futhi athole lokho akucelayo,
lapho-ke uyozuzwa nguNkulunkulu.
Ukuba uNkulunkulu wakhuluma esezulwini nje futhi akehlelanga emhlabeni,
babeyomazi kanjani abantu?
Ngamazwi angenalutho nje okwedlulisa imisebenzi Yakhe,
kodwa hhayi amazwi akhe njengeqiniso.
UNkulunkulu uza njengomfuziselo,
ukuze umuntu ambone futhi amthinte,
ambone futhi azuzwe Nguye.
Ukuzuzwa nguNkulunkulu kusho ukulandela isibonelo Sakhe njemgomfuziselo ophelele womuntu.
Landela uNkulunkulu ongokoqobo,
phila impilo yobuntu ejwayelekile,
gcina amazwi nemiyalelo Yakhe,
ugcine ngokuphelele lokho akushoyo,
futhi athole lokho akucelayo,
lapho-ke uyozuzwa nguNkulunkulu.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangenisi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo konoma iyiphi inhlangano yesithathu futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.
Okuqukethwe kule vidiyo kuhunyushwe konke abahumushi abangongcweti. Nokho, ngenxa yokwehlukana ngokolimi njll., inani elincane lokunganembi aligwemeki. Uma uthola noma yikuphi ukunganembi okunjalo, sicela ubheke umbhalo wokuqala wesiShayina, futhi ukhululeke ukusithinta usazise.
IVANGELI LOKUFIKA KOMBUSO: https://zu.kingdomsalvation.org/
IBandla LikaNkulunkulu USomandlahttps://zu.godfootsteps.org/
Wamukelekile ukuthwebula i-app yeBandla LikaNkulunkulu uSomandla
Google Play : https://play.google.com/store/apps/details?id=org.godfootsteps.thechurchofalmightygod
App Store : https://apps.apple.com/za/app/the-church-of-almighty-god/id1166298433
Izingoma Ezintsha Zombuso App:
Google play: http://bit.ly/2WJSz17
App store: https://apple.co/2KnS8b9
E-mail: contact.zu@kingdomsalvation.org
inombolo: +33-62-95-66-925
|
| | |